Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu. Ngakho-ke makungabusi isono emizimbeni yenu efayo, nize nilalele izinkanuko zayo. Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga. Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa. Kuyini pho? Siyakona yini, ngokuba singephansi komthetho kepha phansi komusa na? UNkulunkulu akakuvumeli. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo; loba okwesono kube ngukufa, kumbe ukulalela kube ngukulunga? Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo. Senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zokulunga.
Funda KwabaseRoma 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 6:11-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo