1 kwabaseKorinte 3:10-15

1 kwabaseKorinte 3:10-15 ZULUNT

Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nezinhlanga; Umsebenzi walowo nalowo uyakubonakaliswa, ngokuba usuku luyakuwudalula, ngokuba uyakwambulwa ngomlilo; nomsebenzi walowo nalowo umlilo uyakuvivinya ukuthi unjani. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo phezu kwalokho umi, uyakwamukeliswa umvuzo. Uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa nguye, kepha yena ngokwakhe uyakusindiswa; nokho kungathi ngomlilo.