IzEnzo 22

22
IzEnzo 22
1Madoda, bazalwane, nawobaba, yizwani ukuziphendulela kwami kini manje.
2(Sebezwile ukuthi ukhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, bathula kakhulu; wathi:)
3Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.
4Ngayizingela leNdlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha, ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane.
5njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.
6Kwasekusithi ngisahamba sengisondela eDamaseko emini enkulu, kungazelelwe kwakhanyisa inhlangothi zonke ukukhanya okukhulu okuvela ezulwini.
7Ngawa phansi, ngezwa izwi lithi kimi: Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?
8Ngasengiphendula ngathi: Ungubani, Nkosi? Yathi kimi: Mina nginguJesu waseNazaretha omzingelayo.
9Lababe nami bakubona ukukhanya, besaba; kodwa abalizwanga ilizwi lalowo owayekhuluma lami.
10Ngasengisithi: Ngizakwenzani, Nkosi? INkosi yasisithi kimi: Sukuma uye eDamaseko; lapho-ke uzatshelwa khona ngakho konke okumiselwe wena ukuthi ukwenze.
11Kwathi ngingasaboni ngenxa yenkazimulo yalokho kukhanya, ngaholwa ngesandla sababe nami, ngafika eDamaseku.
12Njalo uAnaniya othile, indoda ekholwayo ngokomlayo, efakazelwa kuhle ngabaJuda bonke abakhileyo lapho.
13Weza kimi, wema, wathi kimi: ‘Sawulu mzalwane, buya ubone. Ngaso leso sikhathi ngabheka kuye.
14Wathi: “UNkulunkulu wawobaba ukukhethile ukuba wazi intando yakhe, umbone oLungileyo, uzwe izwi lomlomo wakhe.
15Ngokuba uyakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo.
16Manje ulibelelani na? sukuma ubhapathizwe, uhlanze izono zakho, ubize igama leNkosi.
17Kwathi lapho ngibuyela eJerusalema, ngikhuleka ethempelini, ngaba nesiyezi;
18Ngambona ethi kimi: ‘Sheshisa uphume masinyane eJerusalema, ngokuba kabayikwamukela ubufakazi bakho ngami.
19Ngase ngithi: Nkosi, bayazi bona ukuthi bengibabopha ngibashaya emasinagogeni wonke abakholwa nguwe;
20Lapho kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho, nami ngangimi khona, ngivumelana nokubulawa kwakhe, ngilinda izingubo zabambulalayo.
21Yathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngiyakukuthuma kude kwabezizwe.
22Basebemlalela kwaze kwaba kulelolizwi, basebephakamisa amazwi abo besithi: Msuseni onjalo emhlabeni, ngoba kakufanelanga ukuthi aphile.
23Kwathi bekhala, belahla izingubo zabo, baphonsa uthuli emoyeni;
24Induna yenkulungwane yasilaya ukuthi angeniswe enqabeni, yasilaya ukuthi aphenywe ngesiswepu; ukuze azi ukuthi kungani bekhala kanje kuye.
25Kwathi besambopha ngemichilo, uPawuli wathi enduneni yekhulu eyayimi lapho: Kuvunyelwe yini kini ukutshaya ngesiswepu umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala?
26Kwathi induna yekhulu isizwile, yasuka yabikela induna, yathi: Qaphela okwenzayo, ngoba lumuntu ungumRoma.
27Induna yenkulungwane yeza yathi kuye: Ngitshele, ungumRoma yini? Wathi: Yebo.
28Induna yenkulungwane yasiphendula yathi: Mina ngalizuza ngemali enkulu. UPawuli wasesithi: Kodwa mina ngizelwe.
29Khona basuka masinyane kuye labo ababezakumphenya;
30Ngangomuso, efuna ukwazi iqiniso, ukuthi kungani amangalelwe ngamaJuda, wamkhulula eziboshweni, wayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke wabo beze, wamehlisa uPawulu, wammisa phambi kwabo.

Okuqokiwe okwamanje:

IzEnzo 22: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume