Kodwana isipho asinjengesiphambeko. Ngokuba uma ngesiphambeko somunye abaningi bafa, kakhulukazi umusa kaNkulunkulu nesipho ngomusa okungamuntu oyedwa uJesu Kristu, kwavama kwabaningi. Futhi isipho asinjengoba saba ngowomunye owonayo; Ngokuba uma ngesiphambeko somuntu oyedwa ukufa kwabusa ngalowo munye; kakhulukazi abemukela ukuvama komusa nokwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo munye, uJesu Kristu. Ngakho-ke njengalokhu ngesiphambeko esisodwa ukwahlulelwa kwehlela phezu kwabantu bonke, kube ngukulahlwa; ngokunjalo ngokulunga okukodwa isipho sesihle seza phezu kwabantu bonke kube yikulungisiswa kwempilo. Ngokuba njengalokho ngokungalaleli komuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela komuntu oyedwa abaningi bayakwenziwa abalungileyo.
Funda Kwabase Roma 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase Roma 5:15-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo