1 IziKronike 20

20
1 IziKronike 20
UJowabe walishaya iRaba, walichitha
1Kwathi umnyaka usuphelile, ngesikhathi amakhosi ephuma ngaso impi, uJowabi wakhupha amaqhawe ebutho, walichitha ilizwe labantwana bakoAmoni, wafika wavimbezela iRaba. Kodwa uDavida wahlala eJerusalema. UJowabe walishaya iRaba, walichitha.
2UDavida wasethatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wathola isisindo sayo siyitalenta legolide, lamatshe aligugu kuwo; yabekwa ekhanda likaDavide, naye waletha impango eningi emzini.
3Wakhipha amadoda ayephakathi kwawo, wawasika ngamasaha, nangemimese yensimbi, nangezimbazo; Wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.
4Kwathi emva kwaleyo mpi kwavuka amaFilisti eGezeri; ngaleso sikhathi uSibegayi umHusati wabulala uSiphayi owayengowabantwana bamaRefa, banqotshwa.
5Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti; u-Elihanani indodana kaJayire wabulala uLami umfowabo kaGoliyati umGiti, umkhonto wakhe wawunjengogongolo lwabaluki.
6Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona khona umuntu omude, ominwe yakhe nezinzwani zakhe zazingamashumi amabili nane, ziyisithupha esandleni sinye, nesithupha onyaweni ngalunye; futhi wayeyindodana yomdondoshiya.
7Kodwa lapho ephikisa u-Israyeli, uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala.
8Bazalelwa amaRefa eGati; bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

1 IziKronike 20: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume