1 kwabaseKorinte 12:4-14

1 kwabaseKorinte 12:4-14 CZB24

Kukhona-ke iziphiwo izinhlobonhlobo, kodwa uMoya munye. Futhi kukhona izinhlobonhlobo zezinkonzo, kodwa iNkosi eyodwa. Futhi kukhona izinhlobonhlobo zemisebenzi, kodwa nguNkulunkulu oyedwa osebenza konke kubo bonke. Kodwana yilowo nalowo uphiwa ukubonakalisa kukaMoya kube yinzuzo kubo bonke. Ngoba omunye uphiwa ngoMoya ilizwi lenhlakanipho; omunye izwi lokwazi ngaye lowoMoya; omunye ukholo ngaye lowoMoya; omunye izipho zokuphulukisa ngaye lowoMoya; omunye ukwenza izimangaliso; komunye isiprofetho; omunye ukuhlukanisa imimoya; omunye izinhlobo zezilimi; omunye ukuhunyushwa kwezilimi. Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe. Ngokuba njengalokhu umzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zalowo mzimba munye, nakuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo noKristu. Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma sikhululekile; futhi sonke sinathiswa uMoya munye. Ngokuba umzimba awusiwo isitho sinye, kepha maningi.