1 kaPetru 1

1
1 kaPetru 1
1UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kubo abezizwe abahlakazekele ePontu, naseGalathiya, naseKaphadosiya, nase-Asiya, naseBhithiniya,
2ngokokwazi ngaphambili kukaNkulunkulu uBaba ngokungcweliswa kukaMoya, kube ekulaleleni nasekufafazweni kwegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula.
3Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.
4Elifani elingenakonakala, nelingangcolile, nelingabuniyo, elibekelwe nina ezulwini.
5Nina enigcinwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo kube yinsindiso elungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina.
6Elithokoza kakhulu ngakho, lanxa khathesi, uba kudingekile, seliselusizini ngezilingo ngezilingo;
7ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;
8Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo;
9namukela isiphetho sokukholwa kwenu, ukusindiswa kwemiphefumulo yenu.
10Okuyinsindiso abaprofethi abayifunisisa, bayihlolisisa, abaprofetha ngomusa owawuzakuza kini;
11behlolisisa ukuthi yisiphi, loba esinjani isikhathi uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngenhlupheko zikaKristu, lenkazimulo eyayiza kulandela.
12Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona.
13Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu;
14njengabantwana abalalelayo, ningabuki njengezinkanuko zakuqala ekungazini kwenu;
15Kodwa njengalokhu onibizile engcwele, manibe ngcwele kukho konke ukuziphatha;
16Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Yibani ngcwele; ngoba mina ngingcwele.
17Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba;
18Njengoba nazi ukuthi anihlengwanga ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, enkambweni yenu eyize enayamukeliswa oyihlo;
19Kodwa ngegazi likaKristu eliligugu, njengelewundlu elingelasici lengelasici.
20Owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu;
21enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.
22Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;
23nizelwe ngokusha, kungengembewu ebolayo, kodwa ngengenakonakala, ngezwi likaNkulunkulu eliphilayo nelimi phakade.
24Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka;
25Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade. Leli yizwi elashunyayelwa kini ngevangeli.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kaPetru 1: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume