2 IziKronike 12

12
2 IziKronike 12
UShishaki, inkosi yaseGibhithe, uhlasela iJerusalema
1Lapho uRehobowamu ebuqinisa ubukhosi, eziqinisa, washiya umthetho kaJehova, no-Israyeli wonke kanye naye.
2Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki, inkosi yaseGibithe, wahlasela iJerusalema, ngokuba babephambukile kuJehova;
3nezinqola eziyizinkulungwane eziyishumi nambili nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha; abantu abaphuma naye eGibithe babengenakubalwa; amaLubi, amaSukimi, namaTopiya.
4Wathatha imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wafika eJerusalema.
5Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehabowamu nakuzo izikhulu zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Usho kanje uJehova, uthi: “Nina ningishiyile, ngalokho nami nginishiyile esandleni kaShishaki.
6Khona-ke izikhulu zakwa-Israyeli nenkosi bazithoba; bathi: UJehova ulungile.
7UJehova ebona ukuthi bazithobile, izwi likaJehova lafika kuShemaya, lathi: “Bazithobile; ngakho-ke ngeke ngibabhubhise, kodwa ngizobanika insindiso; ulaka lwami aluyikuthululwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki.
8Kodwa bazakuba yizinceku zakhe; ukuze bazi inkonzo yami lenkonzo yemibuso yamazwe.
9Khona-ke uShishaki, inkosi yaseGibhithe, wenyukela eJerusalema, wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi; wathatha konke; wathatha nezihlangu zegolide uSolomoni ayezenzile.
10Esikhundleni sazo inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi, yazinika induna yabalindi ababelinda umnyango wendlu yenkosi.
11Kwathi inkosi ingena endlini kaJehova, kwafika abalindi bazithatha, bazibuyisela ekamelweni labalindi.
12Lapho ezithobile, ulaka lukaJehova lwasuka kuye, kazange athande ukumbhubhisa ngokupheleleyo; nakwaJuda kwakuhamba kahle.
13Inkosi uRehobowamu yaziqinisa eJerusalema, yabusa; ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi uJehova awukhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba awumise. Igama lakhe lapho. Igama likanina lalinguNahama wakwa-Amoni.
14Wenza okubi, ngokuba akayilungisanga inhliziyo yakhe ukumfuna uJehova.
15Imilando kaRehobowamu, eyokuqala neyokugcina, ayilotshiwe yini encwadini yomprofethi uShemaya neyomboni u-Ido, ngezizukulwane na? Kwakukhona njalo izimpi phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu.
16URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide; u-Abiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

2 IziKronike 12: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume