UGenesise 39:7-9

UGenesise 39:7-9 CZB24

Emva kwalokho umkankosi yakhe wabheka uJosefa; wathi: Lala lami. Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi okukimi endlini, futhi inginike konke enakho; akakho omkhulu kunami kule ndlu; futhi akangigodlelanga lutho, ngaphandle kwakho, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobu bubi obukhulu, ngone kuNkulunkulu na?