UGenesise 39:7-9
UGenesise 39:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emveni kwesikhathi umkaPotifari wamkhanuka, wathi kuye: “Lala nami.” Kepha uJosefa wenqaba, wathi enkosikazini yomphathi wakhe: “Umphathi wami akakhathazeke ngalutho endlini yakhe, futhi ukunikele konke ezandleni zami. Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?”
UGenesise 39:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Emva kwalokho umkankosi yakhe wabheka uJosefa; wathi: Lala lami. Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi okukimi endlini, futhi inginike konke enakho; akakho omkhulu kunami kule ndlu; futhi akangigodlelanga lutho, ngaphandle kwakho, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobu bubi obukhulu, ngone kuNkulunkulu na?
UGenesise 39:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi emva kwalezo zinto umkankosi yakhe waphonsa amehlo kuJosefa, wathi: “Lala nami.” Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami; ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?”