UGenesise 42:35-38

UGenesise 42:35-38 CZB24

Kwathi besathulula izikhwama zabo, isikhwama semali salowo lalowo sasisekhukhwini lakhe; kwathi bona noyise bebona izikhwama zemali, besaba. Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Nginiphucile abantwana bami; UJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, nizomsusa noBenjamini; zonke lezi zinto zimelene nami. URubeni wakhuluma kuyise, wathi: “Bulala amadodana ami omabili, uma ngingamlethi kuwe; mnikele esandleni sami, mina-ke ngizambuyisela kuwe. Wayesethi: “Indodana yami ayinakwehla nani; ngoba umfowabo ufile, yena usesele yedwa; uma emehlelwa okubi endleleni enihamba ngayo, niyokwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.