KumaHeberu 4

4
KumaHeberu 4
1Ngakho-ke masesabe, funa sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kube khona noyedwa kini obonakala esilela kuso.
2Ngokuba ivangeli lashunyayelwa nakithi njengabo;
3Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe ukuthi: “Ngalokho ngafunga ekuthukutheleni kwami ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ nakuba imisebenzi yayenziwa kusukela ekusekelweni komhlaba.
4Ngokuba wakhuluma ngosuku lwesikhombisa kanje, wathi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke;
5Lakulokhu futhi: Uba bezakungena ekuphumuleni kwami.
6Ngakho lokhu kusasele ukuthi abanye bangene kulo, lalabo okwatshunyayelwa kubo kuqala kabangenanga ngenxa yokungakholwa;
7Ubuye amise usuku oluthile, ethi ngoDavide: Namuhla, emva kwesikhathi esingaka; njengoba kuthiwa: Lamuhla uba lizwa ilizwi lakhe, lingazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.
8Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku.
9Ngakho-ke abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula;
10Ngoba lowo ongene ekuphumuleni kwakhe, laye uphumula emisebenzini yakhe, njengoNkulunkulu kweyakhe.
11Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungakholwa.
12Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.
13Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.
14Ngakho lokhu silompristi omkhulu odabule emazulwini, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambe isivumo sethu.
15Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.
16Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHeberu 4: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume