U-Isaya 39

39
U-Isaya 39
1Ngaleso sikhathi uMerodagi Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathumela izincwadi nezipho kuHezekiya, ngokuba wayezwile ukuthi wayegula, wasinda.
2UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwakutholakala engcebweni yakhe. Akubangakho lutho endlini yakhe nasekubuseni kwakhe konke uHezekiya angabavumelanga ukuba bakubone.
3Umprofethi u-Isaya wayesefika enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni laba bantu na? futhi bevelaphi kuwe? Wayesethi uHezekiya: “Beza kimi bevela ezweni elikude, eBabele.
4Wathi: “Baboneni endlini yakho na?” UHezekiya wathi: “Bakubonile konke okusendlini yami; akukho lutho phakathi kwengcebo yami engingababonisanga.
5Wayesethi u-Isaya kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova Sebawoti.
6Bheka, izinsuku ziyeza lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuthunjwa kuyiswe eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova.
7Emadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, uyakuwasusa; futhi bayoba ngabathenwa esigodlweni senkosi yaseBhabhiloni.
8Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Lihle izwi likaJehova olikhulumile. Waqhubeka wathi: Ngoba kuyoba khona ukuthula neqiniso ezinsukwini zami.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 39: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume