UJoshuwa 14

14
UJoshuwa 14
Ama-Israyeli athola ifa lezwe elilandelayo laseKhanani
1Lawa angamafa abantwana bakwa-Israyeli abawadla njengefa ezweni laseKhanani, umpristi u-Eleyazare, noJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ababanika wona njengefa.
2Ifa labo laba ngenkatho, njengalokho uJehova eyalile ngesandla sikaMose ezizweni eziyisishiyagalolunye nasenxenyeni yesizwe.
3Ngokuba uMose wazinika ifa lezizwe ezimbili nenxenye ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwazo.
4Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, uManase no-Efrayimi; ngalokho amaLevi akawanikanga isabelo ezweni, kuphela imizi yokuhlala, namadlelo ayo ezinkomo zawo, nempahla yawo.
5Njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli, balihlukanisa izwe.
6Abantwana bakoJuda basebesiza kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune umKhenazi wathi kuye: Wena uyakwazi okwakhulunywa nguJehova kuMozisi umuntu kaNkulunkulu ngami lawe eKadeshi Barineya.
7Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose inceku kaJehova wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuhlola izwe; ngaphinda ngatshumayela kuye njengokusenhliziyweni yami.
8Kepha abafowethu abakhuphuka nami bancibilikisa izinhliziyo zabantu, kepha mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.
9UMose wafunga ngalolo suku, wathi: “Impela izwe olunyathelwe yizinyawo zakho liyakuba yifa lakho nelababantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.
10Manje bheka, uJehova ungigcinile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, abantwana bakwa-Israyeli bezulazula ehlane; manje bheka, sengiyizinsuku ezingamashumi ayisishiyagalombili neminyaka emihlanu.
11Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengalokho ayenjalo amandla ami ngaleso sikhathi, anjalo amandla ami manje okulwa, nokuphuma nokungena.
12Manje nginike le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku; ngokuba wezwa ngalolo suku ukuthi ama-Anaki akhona, nemizi mikhulu, ibiyelwe; uma uJehova enami, ngiyakuba-khona ukubaxosha, njengalokho uJehova ekhulumile.
13UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni njengefa.
14Ngakho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefune, umKhenazi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngokupheleleyo.
15Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.

Okuqokiwe okwamanje:

UJoshuwa 14: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume