Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, kuthi uma elahlekelwa ngenye yazo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, alandele elahlekileyo, aze ayithole, na? Athi eseyitholile, ayibeke emahlombe akhe ethokoza. Esefikile ekhaya, abizele ndawonye abangani bakhe nomakhelwane, athi kubo: “Thokozani nami; ngoba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile. Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangadingi kuphenduka.
Funda Luka 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 15:4-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo