UMika 3

3
UMika 3
UJehova kayikubalalela; abaprofethi bamanga nababusi
1Ngasengisithi: Zwanini-ke, lina zinhloko zikaJakobe, lina babusi bendlu kaIsrayeli. Akukhona yini okwenu ukwazi ukwahlulela?
2ozonda okuhle futhi othanda okubi; eniklebhula isikhumba sabo kubo, nenyama yabo emathanjeni abo;
3abadla inyama yabantu bami, bakhumula isikhumba sabo kubo; bawaphula amathambo abo, bawahlahlela, njengekhanzi nanjengenyama ekhanzini.
4Bayakukhuleka kuJehova, kepha akayikubalalela; Ngaleso sikhathi uyobafihlela ubuso bakhe, ngoba benze okubi ngezenzo zabo.
5Usho kanje uJehova mayelana nabaprofethi abadukisa abantu bami, abagedla amazinyo, bamemeze, bathi: “Ukuthula! futhi ongafaki emlonyeni wabo, bamlungisela impi.
6Ngalokho ubusuku buyakuba kini, ningabi nakubona; kuyakuba mnyama kini, ukuze ningabhuli; ilanga liyoshona kubaprofethi, usuku lube mnyama phezu kwabo.
7Khona ababoni bayakuba namahloni, nabahlola imihlola babe namahloni; yebo, bonke bayovala izindebe zabo; ngoba kayikho impendulo evela kuNkulunkulu.
8Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.
9Yizwani lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nababusi bendlu ka-Israyeli eninengwa yikulunga, niphendukezela konke ukulunga.
10Bakha iSiyoni ngegazi, neJerusalema ngobubi.
11Izinhloko zalo zahlulela ngenjongo yokuthola umvuzo, nabapristi balo bafundisa ngenjongo yokuthola umvuzo, nabaprofethi balo baprofetha ngenjongo yemali; nokho bayakwencika kuJehova, bathi: “Akakho uJehova phakathi kwethu na? akukho okubi okungasehlela.
12Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.

Okuqokiwe okwamanje:

UMika 3: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume