UNumeri 11:14-17

UNumeri 11:14-17 CZB24

Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyasinda kimi. Uma ningenza kanjalo, ngibulaleni, uma ngifumene umusa emehlweni enu; futhi mangingaluboni usizi lwami. INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibuthele amadoda angamatshumi ayisikhombisa kubadala bakoIsrayeli, owaziyo ukuthi bangabadala babantu lezinduna zabo; uwalethe etendeni lokuhlangana, ukuze ame khona nawe. Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona; ngiyakuthatha okukaMoya ophezu kwakho, ngikubeke phezu kwazo; futhi bayothwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UNumeri 11:14-17