1 iziKronike 22:11-13
1 iziKronike 22:11-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe. Kuphela nje, sengathi uSimakade angakupha ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaSimakade uNkulunkulu wakho. Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.
1 iziKronike 22:11-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kalokhu, ndodana yami, uJehova makabe nawe, ube nempumelelo, wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe. Kuphela, uJehova makakuphe ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho. Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo-Israyeli; qina, ume isibindi; ungesabi, ungabi naluvalo.
1 iziKronike 22:11-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Manje, ndodana yami, uJehova makabe nawe! uphumelele wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe ngawe. NguJehova kuphela okunika ukuhlakanipha nokuqondisisa, futhi uyakuyala ngo-Israyeli, ukuze ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho. Khona-ke uyakuba nempumelelo, uma ulalela ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngakho uMose ngo-Israyeli: qina, uqine; ningesabi, ningapheli amandla.