1 kaJohane 2:15-20
1 kaJohane 2:15-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ningalithandi izwe nezinto ezikulo. Uma umuntu ethanda izwe, alukho kuye uthando lukaYise. Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni. Izwe liyadlula nenkanuko yalo. Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade. Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokhu nezwa ukuthi uyeza umphikukhristu; namanje-ke sekukhona abaphika uKhristu abaningi, ngalokho sesiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina. Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi. Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.
1 kaJohane 2:15-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye, ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade. Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina. Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi. Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.
1 kaJohane 2:15-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye. Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo, kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade. Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina. Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngoba uba babengabakithi, ngabe bahlala lathi; Kodwa nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, futhi niyazi zonke izinto.
1 kaJohane 2:15-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)