Ningalithandi izwe nezinto ezikulo. Uma umuntu ethanda izwe, alukho kuye uthando lukaYise. Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni. Izwe liyadlula nenkanuko yalo. Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade. Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokhu nezwa ukuthi uyeza umphikukhristu; namanje-ke sekukhona abaphika uKhristu abaningi, ngalokho sesiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina. Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi. Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.
Funda 1 KaJohane 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KaJohane 2:15-20
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo