Kwabase-Efesu 5:1-21

Kwabase-Efesu 5:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube ngukubonga. Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu. Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo. Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni, nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho. Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.” Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi. Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, nithobelane ngokumesaba uKristu.

Kwabase-Efesu 5:1-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo; nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele; namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga. Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu. Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyeli nabo. Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya; (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;) nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini. futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole. Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma. Kodwa konke okusolwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngoba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa. Ngakho bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengeziwula kodwa njengabahlakaniphileyo; nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho ningabi ngabangahlakaniphileyo, kodwa niqonde okuyintando yeNkosi. Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya; nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu; nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu; nizithoba omunye komunye ngokwesaba uNkulunkulu.

Kwabase-Efesu 5:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngakho-ke yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma umhobholo, makungaphathwa neze phakathi kwenu, njengoba kufanele abangcwele, kanjalo nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele; kodwa kunalokho, makube ngukubonga. Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onomhawu okungukuthi okhonza izithombe, oyoba nefa embusweni kaKhristu noNkulunkulu. Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo. Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni; nihlolisise ukuthi kuyini okuthandekayo eNkosini. Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule, ngokuba lokho okwenziwa esithe kuyihlazo ngisho nokukhuluma ngakho, kepha konke okubonakaliswa ngukukhanya kuyabonakala, ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.” Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi. Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, niphendulane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya, nicule niyihubele iNkosi enhliziyweni yenu, nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke, egameni leNkosi yethu uJesu Khristu, nithobelane ngenxa yokumesaba uKhristu.

Kwabase-Efesu 5:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo; nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele; namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga. Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu. Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyeli nabo. Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya; (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;) nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini. Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole. Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma. Kodwa konke okusolwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngoba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa. Ngakho bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengeziwula kodwa njengabahlakaniphileyo; nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho ningabi ngabangahlakaniphileyo, kodwa niqonde okuyintando yeNkosi. Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya; nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu; nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu; nizithoba omunye komunye ngokwesaba uNkulunkulu.

Kwabase-Efesu 5:1-21

Kwabase-Efesu 5:1-21 ZUL59