Kwabase-Efesu 5:1-21

Kwabase-Efesu 5:1-21 ZULUNT

Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo; nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele; namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga. Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu. Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyeli nabo. Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya; (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;) nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini. futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole. Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma. Kodwa konke okusolwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngoba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa. Ngakho bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengeziwula kodwa njengabahlakaniphileyo; nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho ningabi ngabangahlakaniphileyo, kodwa niqonde okuyintando yeNkosi. Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya; nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu; nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu; nizithoba omunye komunye ngokwesaba uNkulunkulu.