U-Isaya 40:12-14
U-Isaya 40:12-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngesikalo namagquma ngezisindo, na? Ngubani oqondise uMoya kaSimakade, wamfundisa, waba ngumeluleki wakhe na? Welulekana nobani waze wamnika ukuqonda, wamfundisa indlela yobulungiswa, wamnika indlela yokwazi, wamazisa indlela yokuqonda na?
U-Isaya 40:12-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngezikalo* namagquma ngezisindo, na? Ngubani oqondisile uMoya kaJehova, wamfundisa engumluleki wakhe, na? Walulekana nobani waze wamqondisa, wamfundisa indlela yokwahlulela, wamnika ukwazi, wamazisa indlela yokuqonda, na?
U-Isaya 40:12-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngubani owalinganisa amanzi ngesandla sakhe, walinganisa amazulu ngobubanzi besandla, wathatha uthuli lomhlaba ngesilinganiso, wakala izintaba ngesilinganiso, namagquma ngesilinganiso, na? Ngubani owaqondisa uMoya kaJehova, wamfundisa, uma engumeluleki wakhe na? Weluleka nobani, futhi ngubani owamfundisa futhi wamfundisa indlela yokwahlulela nowamfundisa ulwazi futhi wambonisa indlela yokuqonda?