U-Izaya 40

40
Abantu BakaNkulunkulu Bayaduduzwa
1Duduzani, nibaduduze abantu bami,
kusho uNkulunkulu wenu.
2Liqungeni isibindi iJerusalema,
nimemezele kulo
ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile,
nobubi balo buhlanguliwe,
ngokuba lamukele kuSimakade
isijeziso ngokuphindiwe
ngenxa yazo zonke izono zalo.
3Izwi liyamemeza, lithi:
“Lungisani indlela kaSimakade ehlane,
nihlelembe umgwaqo
kaNkulunkulu wethu ongcwele.
4Zonke izigodi ziyophakanyiswa,
zonke izintaba namagquma kuyokwehliswa;
amagebhugebhu ayakuhlelenjwa,
nemigoxigoxi iyakuba yithafa.
5Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa,
bonke abantu bayakuyibona kanyekanye
ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”
6Izwi lithi:
“Memeza!”
Ngathi:
“Ngiyakumemeza ngithini na?”
Bonke abantu bangutshani,
nabo bonke ubuhle babo
bunjengembali yasendle.
7Utshani buyabuna,
imbali iyavuthuluka,
ngokuba uMoya kaSimakade uyakuphephetha.
Impela abantu bangutshani.
8Utshani buyabuna,
imbali ivuthuluke,
kodwa izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade.
9Khuphukela entabeni ephakemeyo,
wena Ziyoni, ophethe izindaba ezinhle.
Phakamisa izwi lakho ngamandla,
Jerusalema ophethe izindaba ezinhle;
liphakamise ungesabi,
yisho emizini yakwaJuda, uthi:
“Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”
10Bhekani, iNkosi uSimakade iyeza ngamandla;
izobusa ngengalo yayo;
bhekani, umvuzo wayo uza nayo,
nenkokhelo yayo iphambi kwayo.
11Iyokwelusa umhlambi wayo njengomelusi,
iqoqe izimvana ngezingalo zayo,
izigone esifubeni sayo,
ihole ngesinono izindlezane.
Ngubani OnjengoNkulunkulu Na?
12Ngubani olinganise amanzi
ngentende yesandla sakhe,
walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo,
wahlanganisa uthuli esilinganisweni,
walinganisa izintaba ngesikalo
namagquma ngezisindo, na?
13Ngubani oqondise uMoya kaSimakade,
wamfundisa, waba ngumeluleki wakhe na?
14Welulekana nobani waze wamnika ukuqonda,
wamfundisa indlela yobulungiswa,
wamnika indlela yokwazi,
wamazisa indlela yokuqonda na?
15Impela, izizwe zinjengethonsi esitsheni,
zifana nothuli esikalini;
uyakuphakamisa iziqhingi njengothuli olucolisekileyo.
16ILebhanoni alanele ukushisa,
nezilwane ezikulo azanele
ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.
17Zonke izizwe ziyinto
engelutho phambi kwakhe,
uzithatha njengento engelutho neyize.
18Ningamfanisa nobani uNkulunkulu na?
Ningamqhathanisa namuphi umfanekiso na?
19Isithombe esibunjwe ngumbumbi,
umkhandi wasinameka ngegolide,
wasincibilikisela amaketanga esiliva na?
20Ompofu ukhetha ukhuni olungaboliyo
anikele ngalo,
bese efuna ingcweti yombazi
ukuba imenzele isithombe esibaziweyo, esingenyakaziswe.
21Anazi yini?
Anizwa yini?
Anitshelwanga yini kwasekuqaleni,
aniqondanga yini kwasekusekelweni komhlaba na?
22NguYena ohleli esiyingelezini somhlaba,
abakhileyo kuwo banjengezintethe;
nguyena oweneka izulu njengekhethini,
alendlale njengethende
ukuba kuhlalwe kulo;
23nguyena owenza izikhulu
zibe yinto engelutho,
abehluleli babe yize.
24Bathi besanda kutshalwa nje,
beqeda nje ukuhlwanyelwa,
nesiqu sabo singakagxiliswa izimpande emhlabathini,
wabaphephetha, babuna,
isivunguvungu sabasusa njengamabibi.
25“Ngubani eningamfanisa nami
neningangilinganisa naye na?”
kusho oNgcwele.
26Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone.
Ngubani odale lezo zinto na?
Nguye okhipha amaviyo azo, awabale;
azibize zonke ngamagama.
Ngokuba unamandla amakhulu
nezikhwepha zakhe zinkulu,
yingakho kungasilele neyodwa.
27Ukhulumelani wena Jakobe,
usholoni wena Israyeli, ukuthi:
“Indlela yami isithekile kuSimakade,
nelungelo lami akalinaki
uNkulunkulu wami na?”
28Awuzange wazi yini?
Awuzwanga yini na?
USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade,
uMdali wemikhawulo yomhlaba,
akapheli amandla, akakhathali;
nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.
29Nguye opha oyethileyo amandla,
andise izikhwepha kongenamandla.
30Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale,
nabasha bawa nokuwa,
31kepha abamethembayo uSimakade
bayakuthola amandla amasha,
bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 40: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume