U-Izaya 39
39
UMerodaki Bhaladani Uthumela Izithunywa KuHezekiya
1Ngalesi sikhathi uMerodaki Bhaladani, indodana kaBhaladani inkosi yaseBhabhele, wathumela izithunywa kuHezekiya ziphethe izincwadi nesipho, ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula kodwa useluleme. 2UHezekiya wazemukela, wayesezikhombisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, igolide, amakha, amafutha amahle, zonke izikhali zakhe, nakho konke okwakusendlini yokugcina ingcebo yakhe, akukho lutho esigodlweni sakhe nasembusweni wakhe angabakhombisanga khona.
3Kwase kufika umphrofethi u-Izaya kuHezekiya, inkosi, wathi kuye: “Bebethini laba bantu; baphumaphi njengoba beze kuwe na?”
4Waqhubeka, wathi: “Baboneni endlini yakho?”
UHezekiya wathi: “Bakubone konke okusendlini yami; akukho lutho olusendlini yengcebo yami engingababonisanga khona.”
5U-Izaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaSimakade Wamabandla. 6Izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho, nalokho okhokho bakho abakugcinile kuze kube namuhla, kuyakuyiswa eBhabhele; akuyukusala lutho, kusho uSimakade. 7Namanye amadodana akho oyakuwazala, ayakuthathwa abe ngabathenwa esigodlweni senkosi yaseBhabhele.”
8Wayesethi uHezekiya ku-Izaya: “Lihle izwi likaSimakade olikhulumileyo.”
Wathi futhi: “Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.”
Okuqokiwe okwamanje:
U-Izaya 39: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.