U-Isaya 49:13-16
U-Isaya 49:13-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe. Kodwa iZiyoni lithi: “USimakade ungishiyile, iNkosi ingikhohliwe.” “Owesifazane angakhohlwa yini ngumntwana wakhe oncelayo, angabi naluzwelo endodaneni ayizalayo na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa Mina angiyukukukhohlwa wena. Bheka, ngikulobe entendeni yezandla zami, izingange zakho ziphambi kwami njalo.
U-Isaya 49:13-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jabulani nina mazulu, uthokoze nawe mhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe, abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe. Kepha iSiyoni lithi: “UJehova ungishiyile, iNkosi ingikhohliwe.” “Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa mina anginakukukhohlwa wena. Bheka, ezandleni zami ngikubhalile, izingange zakho ziphambi kwami njalo.
U-Isaya 49:13-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Hlabelelani nina mazulu! futhi jabula, O mhlaba! niqhume ngokujabula, zintaba; ngokuba uJehova wabaduduza abantu bakhe, waba nomusa kwabampofu bakhe. Kodwa iZiyoni yathi: INkosi ingitshiyile, leNkosi yami ingikhohliwe. Owesifazane angamkhohlwa yini umntanakhe osancela, angayihawukeli indodana yesizalo sakhe? yebo, bangakhohlwa, kepha mina angiyikukukhohlwa wena. Bheka, ngikubhalile ezintendeni zezandla zami; izingange zakho ziphambi kwami njalo.