U-Isaya 53:2-5 - Compare All Versions
U-Isaya 53:2-5 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune. Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho. Kodwa yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kepha thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sethu saba phezu kwayo, ukuze sibe nokuthula; nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina.
U-Isaya 53:2-5 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune. Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho. Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
U-Isaya 53:2-5 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Ngokuba uyakumila phambi kobuso bakhe njengehlumela, nanjengempande emhlabathini owomileyo; futhi lapho sizoMbona, akukho buhle ukuthi singaMfisa. Udelelekile, waliwa ngabantu; umuntu wosizi nojwayelene nosizi; futhi samfihlela ubuso bethu njengokungathi; wayedelelekile, futhi asizange simhloniphe. Yebo, wathwala usizi lwethu, wathwala usizi lwethu, kepha thina sathi ishaywe, ishaywe nguNkulunkulu, icindezelwe. Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina.