NgokukaLuka 1:39-45
NgokukaLuka 1:39-45 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. Wangena endlini kaZakhariya, wambingelela u-Elizabethe. Kwathi ukuba u-Elizabethe ezwe uMariya ebingelela, umntwana wagxuma esiswini sakhe; u-Elizabethe wagcwala uMoya oNgcwele, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! Kwenzeka kanjani lokhu kimi ukuba ngihanjelwe ngunina weNkosi yami na? Ngokuba kuthe lapho izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana wagxuma ngokujabula esiswini sami. Ubusisiwe lowo owakholwa ukuthi kuzakufezeka lokho okwakhulunywa yiNkosi kuye.”
NgokukaLuka 1:39-45 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. Wangena endlini kaZakariya, wambingelela u-Elisabethe. Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.”
NgokukaLuka 1:39-45 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha ezintabeni, emzini wakwaJuda; Wangena endlini kaZakariya, wabingelela u-Elisabethe. Kwathi u-Elisabethe ezwa ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esizalweni sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele; Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane, futhi sibusisiwe isithelo sesisu sakho. Kuzuzeni lokhu ukuba unina weNkosi yami eze kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lizwakala ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esizalweni sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuyakuba khona ukugcwaliseka kwalokho akutshelwa yiNkosi.
NgokukaLuka 1:39-45 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)