KwabaseFilipi 1:12-14
KwabaseFilipi 1:12-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi okwenzeka kimi kwaphumela ekuqhubekiseleni phambili ivangeli; Ngakho-ke izibopho zami kuKristu zabonakala esigodlweni sonke lakuzo zonke ezinye indawo; Abazalwane abaningi eNkosini, beqiniseka ngezibopho zami, banesibindi esikhulu kakhulu sokukhuluma izwi ngokungesabi.
KwabaseFilipi 1:12-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bazalwane, ngithanda ukuba nazi ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine sekuqhubekisela phambili ivangeli. Kwaze kwabacacela bonke abasendaweni yokwahlulela nabo bonke abanye, ukuthi ukuboshwa kwami kungenxa kaKhristu. Kanjalo-ke iningi labazalwane eNkosini laba neqholo ngokuboshwa kwami, lakulungela ukukhuluma izwi lingesabi.
KwabaseFilipi 1:12-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli, kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.
KwabaseFilipi 1:12-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)