AmaHubo 18:25-50
AmaHubo 18:25-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uhlala ethembekile kulabo abethembekile kuye, abangenasici ubavuza ngezipho ezipheleleyo. Konenhliziyo emhlophe uzibonakalisa ehlanzekile, kowonakele uzibonakalisa eyisigwegwe. NguWena osindisa abazithobayo, ujabhise abaqhoshayo. USimakade uNkulunkulu wami, ukhanyisa isibani sami, akhanyise ubumnyama bami. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi, ngoNkulunkulu wami, ngingeqa ugange. Indlela yakho, Nkulunkulu, iphelele, izwi likaSimakade lihlanzekile, uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade na? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? UNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami iphelele. Wenza izinyawo zami zibe njengezendluzele, angimise ngiqine ezindaweni zami eziphakemeyo. Uqeqesha izandla zami, ukuze ngikwazi ukulwa; izingalo zami zibe namandla okugobisa umnsalo wethusi. Wena unginike isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singiphasile, ubukhona bakho bungenze ngaba mkhulu. Wandisile izinyathelo zami phansi kwami, namaqakala ami awabhinyikanga. Ngazixosha izitha zami, ngazifica, angibuyanga ngaze ngaziqede nya. Ngazilimaza, azakwazi ukuvuka, zawa phansi kwezinyawo zami. Wena ungibhincisa amandla ukuze ngimelane nempi, abangivukelayo ubenze bangikhothamela. Unikele ngezitha zami kimi, nabangizondayo ngabaqothula. Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula. Ngibacolisisa okothuli lupheshulwa yisiphepho, ngibashabalalisa okodaka emgwaqweni. Wangikhulula kubantu abangivukelayo. Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabazi bangikhonza. Banele ukungizwa nje, bangilalela; abantwana babafokazi bayathoba phansi kwami. Abafokazi babuna, baphuma ezinqabeni zabo begubhazela. USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami. UNkulunkulu owangiphindiselela, wenza izizwe zakhonza phansi kwami. UNkulunkulu ungiphindiselele, wenza abantu bazithobe phansi kwami. Wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu. Ngakho-ke ngiyakumbonga phakathi kwezizwe; Simakade, ngiyakulihubela igama lakho. Uyenza ibe nkulu insindiso enkosini, wenza isihe kogcotshiweyo wakhe, kuDavide nabozalo lwakhe kuze kube phakade.
AmaHubo 18:25-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho; kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani. Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa. Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange. Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge; owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami; ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile. Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi. Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi. Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami. Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami. Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula. Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula. Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini. Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza. Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami. Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele. UJehova usekhona, malidunyiswe iDwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami, uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami; ongikhululile ezitheni zami, yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu. Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho. Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.
AmaHubo 18:25-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Konesihawu nawe uyakuba nomusa; endodeni eqotho uzozibonakalisa uqotho; Kohlanzekileyo uyozibonakalisa uhlanzekile; futhi ngokungalungile uzozihumusha wena. Ngoba wena uyakusindisa abantu abahluphekayo; kodwa uyokwehlisa ukubonakala okuphezulu. Ngokuba wena uyakukhanyisa isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakukhanyisa ubumnyama bami. Ngokuba ngawe ngadabula iqembu lezigelekeqe; ngoNkulunkulu wami ngeqa udonga. UNkulunkulu yena, indlela yakhe iphelele; izwi likaJehova lihloliwe; Uyisihlangu kubo bonke abamethembayo. Ngoba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? NguNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami iphelele. Wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzele, ungimisa ezindaweni zami eziphakemeyo. Ufundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami ziqhamuke umnsalo wensimbi. Wena wanginika isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene sangibamba, lomusa wakho wangikhulisa. Wavula izinyawo zami phansi kwami, ukuze izinyawo zami zingasheleli. Ngazixosha izitha zami, ngazifica; Ngabalimaza ukuze bangakwazi ukusukuma; zawa phansi kwezinyawo zami. Wangibhincisa amandla okulwa; Abangivukelayo wababeka phansi kwami. Wanginika izintamo zezitha zami; ukuze ngibhubhise abangizondayo. Bakhala, kepha kwakungekho okhululayo: kuJehova, kepha akabaphendulanga. Ngabachoboza njengothuli phambi komoya; ngabalahla njengothuli emigwaqweni. Wangikhulula ekuxabaneni kwabantu; ungenze inhloko yezizwe; abantu engingabazi bayongikhonza. Ngokushesha nje lapho bezwa ngaMi, bayongilalela; abafokazi bazozithoba Kimi. Abafokazi bayonyamalala futhi besatshwe ezindaweni zabo eziseduze. UJehova uyaphila; futhi libusisiwe idwala lami; futhi makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami. NguNkulunkulu ongiphindiselayo, othobisa abantu phansi kwami. Uyangikhulula ezitheni zami, yebo, uyangiphakamisa phezu kwabangivukelayo; Wangikhulula kumcindezeli. Ngalokho ngiyakukubonga, Jehova, phakathi kwezizwe, ngihubele igama lakho. Unika inkosi yakhe ukukhululwa okukhulu; futhi ubonise umusa kogcotshiweyo wakhe, kuDavide nenzalo yakhe kuze kube phakade.