Uhlala ethembekile kulabo abethembekile kuye,
abangenasici ubavuza ngezipho ezipheleleyo.
Konenhliziyo emhlophe
uzibonakalisa ehlanzekile,
kowonakele uzibonakalisa eyisigwegwe.
NguWena osindisa abazithobayo,
ujabhise abaqhoshayo.
USimakade uNkulunkulu wami,
ukhanyisa isibani sami,
akhanyise ubumnyama bami.
Ngokuba ngawe ngingahlasela impi,
ngoNkulunkulu wami, ngingeqa ugange.
Indlela yakho, Nkulunkulu, iphelele,
izwi likaSimakade lihlanzekile,
uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.
Ngokuba ngubani onguNkulunkulu
ngaphandle kukaSimakade na?
Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
UNkulunkulu ongibhincisa amandla,
owenza indlela yami iphelele.
Wenza izinyawo zami zibe njengezendluzele,
angimise ngiqine ezindaweni zami eziphakemeyo.
Uqeqesha izandla zami,
ukuze ngikwazi ukulwa;
izingalo zami zibe namandla okugobisa
umnsalo wethusi.
Wena unginike isihlangu
sensindiso yakho,
isandla sakho sokunene singiphasile,
ubukhona bakho bungenze ngaba mkhulu.
Wandisile izinyathelo zami phansi kwami,
namaqakala ami awabhinyikanga.
Ngazixosha izitha zami, ngazifica,
angibuyanga ngaze ngaziqede nya.
Ngazilimaza, azakwazi ukuvuka,
zawa phansi kwezinyawo zami.
Wena ungibhincisa amandla
ukuze ngimelane nempi,
abangivukelayo ubenze bangikhothamela.
Unikele ngezitha zami kimi,
nabangizondayo ngabaqothula.
Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo,
bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula.
Ngibacolisisa okothuli lupheshulwa yisiphepho,
ngibashabalalisa okodaka emgwaqweni.
Wangikhulula kubantu abangivukelayo.
Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe,
abantu engingabazi bangikhonza.
Banele ukungizwa nje, bangilalela;
abantwana babafokazi bayathoba phansi kwami.
Abafokazi babuna,
baphuma ezinqabeni zabo begubhazela.
USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami.
Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami.
UNkulunkulu owangiphindiselela,
wenza izizwe zakhonza phansi kwami.
UNkulunkulu ungiphindiselele,
wenza abantu bazithobe phansi kwami.
Wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.
Ngakho-ke ngiyakumbonga phakathi kwezizwe;
Simakade, ngiyakulihubela igama lakho.
Uyenza ibe nkulu insindiso enkosini,
wenza isihe kogcotshiweyo wakhe,
kuDavide nabozalo lwakhe
kuze kube phakade.