Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho; kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani. Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa. Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange. Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge; owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami; ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile. Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi. Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi. Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami. Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami. Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula. Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula. Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini. Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza. Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami. Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele. UJehova usekhona, malidunyiswe iDwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami, uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami; ongikhululile ezitheni zami, yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu. Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho. Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.
Funda AmaHubo 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 18:25-50
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo