KwabaseRoma 8:31-39
KwabaseRoma 8:31-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, uyakuba kanjani ukuba angasiphi ngesihle kanye nayo na? Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? nguNkulunkulu olungisisayo. Ngubani olahlayo? NguKristu owafa, yebo, kakhulu owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, osinxuselayo. Ngubani oyakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma usizi, noma ukucindezeleka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba-ze, noma ingozi, noma inkemba? Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke; sibalwa njengezimvu zokuhlatshwa. Qha, kukho konke lokhu singabanqobi ngaye owasithandayo. Ngoba ngileqiniso ukuthi loba ukufa, loba ukuphila, loba izingilosi, loba iziphathamandla, loba izinto ezikhona, loba izinto ezizayo; nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba-namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
KwabaseRoma 8:31-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke. Kungaba kanjani pho, ukuba angasiphi konke kanye nayo na? Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo. Kanti ngubani ozakulahla ngecala na? NguKhristu uJesu owafayo, yebo owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguYena osinxuselayo. Pho ngubani ozakusehlukanisa nothando lukaKhristu na? Ngabe ukuhlupheka noma usizi; ukuhlushwa noma indlala ukuhamba ze noma ingozi, noma yinkemba na? Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke; sifana nezimvu zokuhlatshwa.” Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo. Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanoma yini enye edaliweyo; akuyukuba namandla okusehlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKhristu uJesu, iNkosi yethu.
KwabaseRoma 8:31-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na? Ngubani ozakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo; ngubani olahlayo na? UKristu Jesu owafayo, yebo impela, owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguyena osinxuselayo. Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na? Kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, sithiwa izimvu zokuhlatshwa.” Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo. Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
KwabaseRoma 8:31-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)