Sesha Imiphumela

UNumeri 12:9 (ZUL59)

Intukuthelo kaJehova yabavuthela; wayesemuka.

UJobe 19:11 (ZUL59)

Ungivuthisele intukuthelo yakhe, wangishaya njengezitha kuye.

UNumeri 32:10 (ZUL59)

Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi:

AmaHubo 85:3 (ZUL59)

Wamukisa yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.

AmaHubo 103:9 (ZUL59)

Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.

IzAga 16:14 (ZUL59)

Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.

UJobe 9:13 (ZUL59)

“UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe; phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.

AmaHubo 69:24 (ZUL59)

Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho; intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.

UJobe 35:15 (ZUL59)

Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi, anganaki kakhulu iziphambeko,

IzAga 19:11 (ZUL59)

Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.

U-Eksodusi 15:7 (ZUL59)

Ngobukhulu bobukhosi bakho uyachitha abakuvukelayo; uyathuma intukuthelo yakho, ibaqede njengamabibi.

UNumeri 25:3 (ZUL59)

U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori. Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela u-Israyeli.

UHoseya 14:4 (ZUL59)

“Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwabo, ngibathande ngesihle, ngokuba intukuthelo yami ibuyile kubo.

UHoseya 5:10 (ZUL59)

Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele; ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.

AmaHubo 106:40 (ZUL59)

Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe; ifa lakhe laba yisinengiso kuye.

U-Esteri 7:10 (ZUL59)

Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.

IzAga 14:35 (ZUL59)

Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda, kepha intukuthelo yayo iyakuba kwehlazisayo.

KwabaseRoma 4:15 (ZUL59)

ngokuba umthetho ubanga intukuthelo, kepha lapho kungekho khona umthetho, akukho nakweqa.

UGenesise 30:2 (ZUL59)

Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRaheli, wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabele isithelo sesizalo na?”

UJobe 10:17 (ZUL59)

Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amabandla ngamabandla angisukele.

AmaHubo 78:31 (ZUL59)

intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela, wabulala abakhulupheleyo babo, wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.

IzAga 24:18 (ZUL59)

funa uJehova akubone, kube kubi emehlweni akhe, asuse intukuthelo yakhe kuso.

UJeremiya 48:30 (ZUL59)

Ngiyazi intukuthelo yakhe,” usho uJehova; “amacebo akhe ayinkohliso, nalokhu akwenzayo kuyinkohliso.

U-Isaya 5:25 (ZUL59)

Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe; welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya; izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucumfucu phakathi ezitaladini; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.

1 uSamuweli 11:6 (ZUL59)

UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.