Sesha Imiphumela

KwabaseFilipi 4:6 (ZUL59)

Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.

KwabaseFilipi 4:7 (ZUL59)

Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

NgokukaMathewu 6:25 (ZUL59)

“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?

NgokukaMathewu 6:26 (ZUL59)

Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?

NgokukaMathewu 6:27 (ZUL59)

Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?

NgokukaMathewu 6:34 (ZUL59)

Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

1 kaPetru 5:7 (ZUL59)

niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.

IzAga 12:16 (ZUL59)

Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku, kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.

IzAga 12:25 (ZUL59)

Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa, kepha izwi elihle liyayithokozisa.

UmShumayeli 1:18 (ZUL59)

Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.

KwabaseFilipi 1:17 (ZUL59)

kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami.

UHabakuki 1:3 (ZUL59)

Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na? Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami; kukhona ukulwa, ukuxabana kuyaqhamuka.

AmaHubo 10:14 (ZUL59)

Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane.

UJobe 3:17 (ZUL59)

Lapho amashinga ayekile ukudlova; lapho baphumule abaphelile amandla.

UJobe 13:11 (ZUL59)

Ubukhulu bakhe abuyikunethusa, nengebhe ngaye inehlele, na?

IzAga 12:21 (ZUL59)

Olungileyo akayikwehlelwa nangokukodwa okubi, kepha ababi bayakugcwala ububi.

U-Isaya 29:2 (ZUL59)

ngize ngilicindezele i-Ariyeli,* kube khona ukukhala nokububula, libe njenge-Ariyeli kimi.

NgokukaMathewu 13:22 (ZUL59)

Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.

1 uSamuweli 9:5 (ZUL59)

Sebefikile ezweni laseSufi, uSawule wathi kuyo inceku yakhe eyayinaye: “Woza sibuye, funa ubaba aziyeke izimbongolo, enqene ngathi.”

UHezekeli 25:6 (ZUL59)

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushaye ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwa-Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni,

IzAga 12:24 (ZUL59)

Isandla sabakhutheleyo siyakubusa, kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi.

IzAga 12:26 (ZUL59)

Olungileyo ungumholi womakhelwane wakhe, kepha indlela yababi iyabadukisa.

UJobe 3:18 (ZUL59)

Lapho iziboshwa ziyatabhaya kanyekanye; azizwa izwi labazicindezelayo.

UJobe 3:16 (ZUL59)

noma ngangingekho njengokuphuphumileyo okuthukusiweyo, njengezingane ezingazange zibone ukukhanya.

UJobe 13:12 (ZUL59)

Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha; izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.