Sesha Imiphumela

UGenesise 2:24 (ZUL59)

Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.

Kwabase-Efesu 5:33 (ZUL59)

Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.

Kwabase-Efesu 5:25 (ZUL59)

Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo

Kwabase-Efesu 5:22 (ZUL59)

Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi,

Kwabase-Efesu 5:23 (ZUL59)

ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.

Kwabase-Efesu 5:28 (ZUL59)

Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.

IzAga 18:22 (ZUL59)

Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isisa kuJehova.

NgokukaMathewu 19:4 (ZUL59)

Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane,

NgokukaMathewu 19:5 (ZUL59)

wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na?

NgokukaMathewu 19:6 (ZUL59)

Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”

NgokukaMarku 10:8 (ZUL59)

labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye.

NgokukaMarku 10:9 (ZUL59)

Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.”

NgokukaMathewu 22:2 (ZUL59)

“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado.

NgokukaMathewu 22:8 (ZUL59)

“Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele;

IsAmbulo 19:7 (ZUL59)

Masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele;

NgokukaJohane 2:1 (ZUL59)

Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu.

NgokukaLuka 2:5 (ZUL59)

ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe.

NgokukaMathewu 22:10 (ZUL59)

Lezo zinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.

UHezekeli 16:38 (ZUL59)

Ngiyakukwahlulela ngesahlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lokufutheka nomhawu.

NgokukaMathewu 22:1 (ZUL59)

UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi:

NgokukaJohane 2:2 (ZUL59)

NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.

NgokukaMathewu 22:9 (ZUL59)

ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’

IsAmbulo 19:8 (ZUL59)

wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele.

NgokukaMathewu 22:3 (ZUL59)

Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.

NgokukaJohane 1:51 (ZUL59)

Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu.”