Bheka, wayesefika umKushe; umKushe wathi: “Ngumbiko, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.” Inkosi yathi kumKushe: “Isahlezi kahle insizwa u-Abisalomu na?” UmKushe wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa.” Yayisidabuka kakhulu inkosi, yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami Abisalomu! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”
Funda 2 uSamuweli 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 uSamuweli 18:31-33
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo