NgokukaMathewu 5:21-26

NgokukaMathewu 5:21-26 ZUL59

“Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo. “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe, shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho. “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi* lokugcina.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 5:21-26