NgokukaMathewu 5:21-26

NgokukaMathewu 5:21-26 ZUL20

“Nizwile, kwathiwa kwabasemandulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala ehlulelwe.’ Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo. “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-althare, bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu ukubambele igqubu, wushiye lapho phambi kwe-althare umnikelo wakho, uhambe ubuyisane nomfowenu kuqala, andukuba uzonikela umnikelo wakho. “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumehluleli, umehluleli akunikele esikhonzini, uphonswe ejele. Ngiqinisile ngithi kuwe: kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi lokugcina.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 5:21-26