IzAga 10:17-32

IzAga 10:17-32 ZUL59

Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila, kepha owenqaba ukusolwa uyaduka. Ofihla inzondo unezindebe zamanga; ophumisa inhlebo uyisiwula. Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile. Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo; ingqondo yababi iyinto encane. Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo. Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso. Ukwenza okubi kunjengokudlala kuso isiwula; kunjalo ukuhlakanipha kumuntu onengqondo. Akwesabayo omubi kuyamehlela, nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa. Lapho sidlula isivunguvungu, akasekho omubi, kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade. Njengoviniga emazinyweni nomusi emehlweni, linjalo ivila kwabalithumileyo. Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku, kepha iminyaka yababi iyancishiswa. Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo, kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha. Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo, kepha incithakalo ikubenzi bokona. Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube phakade, kepha ababi abayikuhlala ezweni. Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha, kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa. Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle, kepha umlomo wababi okuphambeneyo.

Funda IzAga 10