Oqaphela ukuyalwa usendleleni eya ekuphileni, kepha owenqaba ukusolwa uyaduka. Ofihla inzondo unezindebe zamanga; odalula umbiko omubi uyisiwula. Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile. Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo; inhliziyo yezikhohlakali iyinto engelutho. Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo. Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso. Ukwenza inkohlakalo kufana nomdlalo esiwuleni, kanti umuntu ohlakaniphileyo uthokozela ukuqonda. Akwesabayo omubi kuyamehlela, kodwa abakufisayo abalungileyo bayakuphiwa khona. Lapho kwedlula isivunguvungu omubi usuke engasabonwa, kanti olungileyo uyisisekelo esingunaphakade. Njengoviniga emazinyweni, nentuthu emehlweni, linjalo ivila kwabalithumileyo. Ukwesaba uSimakade kwandisa izinsuku, kodwa iminyaka yezikhohlakali iyancishiswa. Ithemba labalungileyo liyintokozo, kodwa ithemba lezikhohlakali liyashabalala. Indlela kaSimakade iyinqaba koqotho, kodwa ukubhujiswa kumiselwe izikhohlakali. Olungileyo akayukuzanyazanyiswa kuze kube phakade, kepha izikhohlakali aziyukuhlala ezweni. Umlomo wolungileyo ukhuluma ukuhlakanipha, kodwa ulimi oluphambeneyo luyanqunywa. Izindebe zolungileyo ziyakwazi okwamukelekileyo, kepha umlomo wezikhohlakali ukhuluma okuphambeneyo.
Funda IZaga 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZaga 10:17-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo