AmaHubo 68:5-11

AmaHubo 68:5-11 ZUL59

uyise wezintandane, umahluleli wabafelokazi, uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini, akhiphele iziboshwa ekubuseni; ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo. Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho, ekudabuleni kwakho ihlane, Sela* umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli. Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selahlulekile, waliqinisa. Ibandla lakho lakha kulo; ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu. INkosi iphumisa izwi; abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.