Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade. Kwakungumthetho wabaphristi kubantu ukuba nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yomphristi inyama isabila, iphethe imfologo ngesandla, ihlabe ngayo emcengezini, noma esocweni, noma ebhodweni, noma ekhanzini; konke ekukhiphayo imfologo, umphristi akuthathe kube ngokwakhe. Benza kanjalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona. Kwakuthi engakashiswa amanoni, kufike inceku yomphristi ithi kumuntu owenza umhlatshelo: “Letha inyama eyokoselwa umphristi, ngokuba akazukuyithatha kuwe inyama ephekiweyo, kodwa eluhlaza.” Uma lowo muntu ethe kuyo: “Impela mabashise kuqala amanoni, andukuba uthathe inyama ngokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, ilethe manje, uma ungayilethi ngizozithathela ngenkani.” Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade.
Funda 1 USamuweli 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 USamuweli 2:12-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo