1 KwabaseThesalonikha 4:13-18

1 KwabaseThesalonikha 4:13-18 ZUL20

Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. Ngokuba sikusho lokhu kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisaphila sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyukubandulela ngempela abaleleyo, ngokuba iNkosi uqobo iyakukwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu; abafileyo kuKhristu bayakuvuka kuqala. Lapho-ke, thina esisaphila, sisele, siyakuhlwithwa kanye nabo emafini, sihlangane neNkosi emoyeni. Siyakuhlala nayo njalo iNkosi. Ngakho-ke duduzanani ngalawa mazwi.