1 kwabaseThesalonika 4:13-18

1 kwabaseThesalonika 4:13-18 CZB24

Kepha angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenathemba. Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa wabuye wavuka, ngokunjalo-ke nalabo abalele kuJesu uNkulunkulu uyobaletha kanye naye. Ngokuba lokhu sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina esisekhona esisasele ekufikeni kweNkosi asiyikubandulela abaleleyo. Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala; Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo. Ngakho duduzanani ngalawamazwi.