2 IZikhronike 11

11
Isiphrofetho SikaShemaya
1 URehobhowamu esefikile eJerusalema, waqoqa yonke indlu yakwaJuda nesizwana sakwaBhenjamini, abantu abakhethiweyo abayizi-180 000, amabutho, ukuze balwe nendlu yakwa-Israyeli, umbuso bawubuyisele kuye uRehobhowamu, indodana kaSolomoni.
2 Kwase kufika izwi likaNkulunkulu kuShemaya, umuntu kaNkulunkulu, lathi: 3“Yisho kuRehobhowamu, indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli ekwaJuda neyakwaBhenjamini, uthi: 4 ‘Usho kanje uSimakade, uthi: ningakhuphuki ukuyolwa nabafowenu, abantu bakwa-Israyeli; phindelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba lokhu kuvela kimi.’ ”
Balilalela izwi likaSimakade, baphindela emuva, kabamhlasela uJerobhowamu.
URehobhowamu Wakha Imizi Eyizinqaba
5 URehobhowamu wahlala eJerusalema, wakha imizi eyizinqaba kwaJuda. 6Wakha iBhethlehema, i-Ethamu, iThekhowa, 7iBhethi Zuri, iSoko, i-Adulamu, 8iGathi, iMaresha, iZifi, 9i-Adorayimi, iLakhishi, i-Azekha, 10iZora, i-Ajaloni, neHebhroni; leyo mizi ebiyelweyo yayikwaJuda nakwaBhenjamini. 11Izinqaba waziqinisa, kuzo wabeka abakhuzi bempi, wagcina ukudla, amafutha, newayini kuzo. 12Kuyo yonke imizi, wabeka izihlangu nemikhonto emzini ngamunye, wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBhenjamini kwakungokwakhe.
Abaphristi NabaLevi Baya KwaJuda
13Abaphristi nabaLevi ababekulo lonke elakwa-Israyeli bazihlanganisa noRehobhowamu, bevela kuzo zonke izifundazwe. 14 AbaLevi bashiya amadlelo abo nefa labo, baya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobhowamu namadodana akhe bawenqabela ukuba abe ngabaphristi bakaSimakade. 15 Wazimisela abaphristi bezindawo eziphakemeyo, abezimbuzi nabamathole ayewabumbile. 16 Emva kokuhamba kwabo, kwalandela ababevela kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ababenhliziyo ziphokophelele ukufuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, baya eJerusalema ukuyohlabela uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo. 17 Base bewuqinisa-ke umbuso wakwaJuda, benza uRehobhowamu, indodana kaSolomoni, waba namandla iminyaka emithathu, ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni.
Abafazi Nabantwana BakaRehobhowamu
18 URehobhowamu waganwa nguMahalathi, indodakazi kaJerimothi, indodana kaDavide neka-Abhihayili, indodakazi ka-Eliyabe, indodana kaJese. 19Wamzalela lawa madodana: uJewushe, uShemiya noZahamu. 20 Emva kwakhe, wathatha uMahakha, indodakazi ka-Absalomu. Yona yamzalela: u-Abhiya, u-Athayi, u-Uza, noShelomithi. 21URehobhowamu wamthanda uMahakha, indodakazi ka-Absalomu, ukwedlula bonke abafazi bakhe nezanciza zakhe; wayeganwe ngabafazi abali-18 nezancinza ezingama-60. Wazala amadodana angama-28, namadodakazi angama-60.
22URehobhowamu wabeka u-Abhiya, indodana kaMahakha, waba yinhloko nombusi phakathi kwabafowabo, kwazise wayehlose ukumbeka abe yinkosi. 23Wenza ukuhlakanipha, amadodana akhe wawehlukanisa, ahlala emazweni wonke akwaJuda nakwaBhenjamini, nasemizini yonke ebiyelweyo; wawanika ukudla okuningi, wawatholela nabafazi abaningi.

Okuqokiwe okwamanje:

2 IZikhronike 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume