2 IZikhronike 12
12
UShishaki Uhlasela IJerusalema
1 Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye. 2 Kuthe ngonyaka wesihlanu wokubusa kwenkosi uRehobhowamu, kwakhuphukela eJerusalema uShishaki, inkosi yaseGibhithe, ngokuba babephambukile kuSimakade. 3 UShishaki wayenezinqola eziyi-1 200, abamahhashi abayizi-60 000, nokhumbintethe lwabantu abaphuma naye eGibhithe: amaLubhi, amaSuki, namaKhushe. 4 Wayidla imizi yakwaJuda ebiyelweyo, waze wafika naseJerusalema.
Esinye Isiphrofetho SikaShemaya
5 UShemaya umphrofethi wafika kuRehobhowamu nakubaholi bonke bakwaJuda abebuthene eJerusalema, ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uthi: ‘Nina ningifulathele Mina, ngakho-ke nami nginilahlele esandleni sikaShishaki.’ ”
6 Base bezithoba abaholi bakwa-Israyeli nenkosi, bathi: “USimakade ulungile.”
7 Ngesikhathi uSimakade ebona ukuthi bayazithoba, wathumela izwi kuShemaya, wathi: “Bazithobile; angiyukubabhubhisa, kodwa ngizokubakhulula emveni kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyukwehlela iJerusalema ngesandla sikaShishaki. 8Nokho bazokuba yizinceku zakhe ukuze bazi umsebenzi wami nomsebenzi wemibuso yezizwe.”
UShishaki Uhlasela IJerusalema
9 UShishaki, inkosi yaseGibhite, wakhuphukela eJerusalema, wathatha ingcebo yendlu kaSimakade nengcebo yasesigodlweni senkosi. Wathatha konke, wathatha nezihlangu zegolide ezazenziwe nguSolomoni. 10Inkosi uRehobhowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abaqapha umnyango wesigodlo senkosi. 11Kwakuthi njalo lapho inkosi ingena endlini kaSimakade abalindi bayikhaphe beziphethe, bese kuthi kamuva bazibuyisele endlini yabalindi.
12 Ngenkathi uRehobhowamu ezithoba, intukuthelo kaSimakade yasuka kuye, ayibange isambhubhisa nya; kwakusekhona okuhle kwaJuda.
Ukubusa KukaRehobhowamu
13 Inkosi uRehobhowamu yaziqinisa eJerusalema. Yaqala ukubusa ineminyaka engama-41; yabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abeke kuwo igama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, umAmonikazi. 14 Wenza okubi, akaze ayibhekisa inhliziyo yakhe ekufuneni uSimakade.
15Izindaba zikaRehobhowamu, ezakuqala nezokugcina, azilotshiwe yini ezindabeni zikaShemaya umphrofethi, nezika-Ido umboni, ngokwezizukulwane, nezimpi zikaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zabo na? 16 URehobhowamu walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa emzini kaDavide. U-Abhiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Okuqokiwe okwamanje:
2 IZikhronike 12: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.