2 KwabaseKhorinte 4:5-12

2 KwabaseKhorinte 4:5-12 ZUL20

Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uJesu uKhristu eyiNkosi, nathi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu. Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu. Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi. Sicindezelwa nxazonke, kepha asifihlizeki; siyaxakeka, kodwa asidikibali. Siyahlushwa, kepha asilahlwa; siqunjwa phansi, kodwa asibhujiswa. Sithwele njalo emzimbeni wethu ukufa kukaKhristu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. Ngokuba sisaphila, sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni yethu efayo. Ngakho-ke kithina kusebenza ukufa, kodwa kinina ukuphila.