Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu iNkosi; futhi thina siyizinceku zenu ngenxa kaJesu. Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu. Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obumangalisayo bube obukaNkulunkulu, bungabi buvela kithi. Siyabandezelwa nxazonke, nokho asicindezelwe; siyaxakeka, kodwa asidangali; siyashushiswa, kodwa asidelwa; siphonswa phansi, kodwa asibhujiswa; sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kweNkosi uJesu, ukuze lempilo kaJesu ibonakaliswe emizimbeni yethu. Ngokuba thina esiphilayo sihlala sinikelwa ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo. Ngakho-ke kusebenza ukufa kithi, kodwa kinina ukuphila.
Funda 2 kwabaseKorinte 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseKorinte 4:5-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo