U-Izaya 52

52
USimakade Uhlenga IJerusalema
1Vuka, vuka,
wembathe amandla akho, Ziyoni,
ugqoke izingubo zakho zakwanokusho,
wena Jerusalema, muzi ongcwele,
ngokuba akusayukungena kuwe
ongasokile nongcolileyo.
2Zithintithe uthuli,
usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo;
zikhulule eziboshweni ezisentanyeni yakho,
wena ndodakazi yaseZiyoni ethunjiweyo.
3Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi:
“Nathengiswa ngento engelutho;
niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”
4Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“Ekuqaleni abantu bami behlela eGibhithe,
bagogobala khona.
I-Asiriya labacindezela ngaphandle kwesizathu.
5“Manje ngisasalelwe yini lapha,” kusho uSimakade,
“njengoba abantu bami bethunjiwe
ngaphandle kwesizathu na?
Ababusi babo babanga umsindo,” kusho uSimakade,
“negama lami lihlanjalazwa usuku lonke.
6Ngakho-ke, abantu bami bayolazi igama lami;
ngalolo lusuku bayoqonda
ukuthi yimi othi: bhekani, ngilapha.”
7Zinhle kangakanani ezintabeni,
izinyawo zomemezela ukuthula,
noletha izindaba ezinhle;
ezwakalise ukusindiswa,
oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi:
“UNkulunkulu wakho uyabusa.”
8Abalindi benu baliphakamisile izwi labo,
bayakhamuluka bethokoza kanyekanye,
ngokuba bayozibonela ngawabo amehlo,
lapho uSimakade ebuyela eZiyoni.
9Qhumukani, nikhamuluke kanyekanye ngokuthokoza,
nina zindawo ezichithekileyo eJerusalema,
ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe,
ulihlengile iJerusalema.
10USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele
emehlweni ezizwe zonke,
yonke imikhawulo yomhlaba
iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.
11Hambani, hambani, phumani lapho!
Ningathinti lutho olungcolileyo,
phumani phakathi kwalo,
zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.
12Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela.
Aniyukuhamba nibaleka,
ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu;
uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.
Ukuhlupheka Kwenceku KaSimakade
13Bheka, inceku yami iyoba nempumelelo;
iyakukhuliswa, iphakanyiswe,
iphakame kakhulu.
14Njengalokhu babebaningi abamangala ngayo,
ubuso bayo babonakele kunobabantu,
nesimo sayo, kunesamadodana abantu;
15kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi;
amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo,
ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe,
nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 52: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume